Izindaba

Kugwetshwe uSayitsheni ngecala lokweba esteshini

Lethukuthula ZuluĀ 

USayitsheni wamaphoyisa uLeonard Madikana Maraka oneminyaka engu-51 ubudala eLimpoppo ugwetshwe unyaka wonke ejele.

Ugwetshelwe icela lokweba imishini yokunquma izihlahla (chainsaw) eyayitholwe kumsolwa.

Ugwetshwe eNkantolo yeMantshi yaseTzaneen ngoLwesihlanu.

NgokwaseNkantolo uMaraka wayesemsebenzini ngomhla ka-15 March 2024 ngesikhathi kwenzeka leli cala.

Wazithela kwimoto eyayisolisa eHaenertsburg nokuyila bayijaha khona baze bakhona ukuyimba eMakgeng Village kodwa umshayeli wabaleka wagcwala amathafa.

Imoto yabuyiselwa esiteshini samaphoyisa eHaenertsburg izinto ezitholakale phakathi zafakwa kurejista yeSAPS 13 okwakukhona kuzo nenqwaba yama chainsaw ayentshontshiwe.

UMaraka naye wantshontsha amachainsaw amabili wawathengisa ukuze azuze yena.

NgoLwesihlanu, inkantolo ibe isimgweba izinyanga ezingu-12 ejele waphucwa nelungelo lokuba nesibhamu.

Ukhomishana wesifundazwe saseLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, ugxeke lesenzo wathi umbutho weSouth African Police Service ngeke uyibekezelele inkohlakalo noma ubugebengu ngaphakathi kwayo.

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button