
Kubhimbe ikhwaya kuMatlala evele enkantolo
Liyah Mseleku
Kumbhedele uMnuz Vusimuzi “Cat” Matlala onqatshelwe ibheyili yiNkantolo enkulu yaseGoli ngoMsombuluko.
Inkantolo ime esinqumweni sangaphambilini njengoba ubese lidlulisile phambili icala.
UMatlala ubuye asolwe ngokuba ungqondongqondo ekushumbisweni kwezidakamizwa kuleli.
Lo msolwa kumanje ubhekene noxhaxha lwamacala okuzama ukubulala umlingisi weMuvhango uTebogo Thobejane ayejola naye.
Amanye amacala abhekene nawo ukuhlela ukubulala, ukukhwabanisa, ukushintshisana ngemali okungekho emthethweni, nokuzama ukubalekela ingalo yomthetho.
Isigameko sokudubula uThobejane senzeka emgaqweeni uthelawayeka u-N1 eduze neSandton ngo-2003 nalapho lo mlingisi wadliwa khona inhlamvu onyaweni
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini ngoSeptember inkantolo kaMantshi yase-Alexandra yamnqabela ibheyili izeseka ngokuthi uyingozi yokubaleka ngendiza.
Wayekade evele kuyo lenkantolo ngomhla ka-7 October 2025 nasolwa naye unkosikazi wakhe uTsakani, nezinkabi ezimbili uMusa Kekana noTiego Floyd Mabusela.
Phakathi kwabasolwa kuvele negama lendodakazi kaMabusela, Nthabiseng Nzama, nabo babekwe amacala afanayo.
UKekana noMabusela bona bavele basilaxazaa isicelo sokufaka ibheyili kwathi uTsakani noNzama bona bangaphandle ngebheyili kaR20 000 noR10 000 ngokwehlukana.
Udaba luyaqhubeka…



