
Konke sekuncike emkhulekweni kwiBafana
Ukudlala ngokulingana kweBafana Bafana neZimbabwe sekuvele kwayiqansisa indlela yayo ebheke eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Ngesikhathi iBafana ihluleka ukunqoba, iBenin yona inqobile ishaya iRwanda ngo 1-0, okwenze yavula igebe lamaphuzu amabili esicongweni sikaGroup C.
IBafana izame konke kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ebusuku, kwala yona inhlanhla njengoba ibhola lizishayise epalini kwaze kwaba kabili.
Ukube inqobile beyizoba sethubeni elihle njengoba sekusele umdlalo owodwa wokuhlunga – ezobhekana kuwo neRwanda eMbombela Stadium ngoLwesibili.
Lisekhona ke kodwa ithuba, yikho nje ukuthi selincike ekutheni iNigeria neBenin badlale ngokulingana emdlalweni wabo wokugcina.
Uma kuba khona onqobayo, kungaba ngcono kube yiNigeria, okungabeka iNingizimu Afrika ithuba elingcono kakhulu.
Nakhona uma ukwenzeka lokho, kusazomele iBafana inqobe kwiRwanda futhi ngamagoli amaningi ukuze ikwazi ukuqeda iphezulu eqoqweni.
Lisenethini.com



