
Izigidi engcupheni yezincwadi zokushayela
Sihle Mkhize
Bangaphezu kwesigidi abashayeli abajahe unqamlajuqu wokuvuselela izincwadi zokushayela njengoba ziphelelwa yisikhathi ekupheleni kwenyanga ka-October.
Abe Traffic Management Corporation (RTMC) sebenxuse abanikazi bezimoto ukuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni.
Bakusho lokho ngoba sekusondele isikhathi sokuba matasa njengoba sekusondele isikhathi sikancibijane.
Ngalokho, bakhuthaza abantu ukuthi basebenzise ezokuchwepheshe (online) ukuvuselelwa izincwadi zabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi inyanga ka-October ithathwa njengenyanga yezokuthutha (National Transport Month).
IRTMC kulokhu ikhethe ukugxila ekubalulekeni kumnotho wezwe lonkana.
Akubuzwa ukuthi isikhathi sikancibijane siza nokwanda kwezimoto emgwaqeni kwande nezingozi kwazise iningi lisuke lishayela lidakiwe.
Ngenxa yesibalo esikhula minyaka yonke abashayeli bayagqugquzelwa ukuthi basebenzise ezokuchwepheshe ukuvuselela.
Okhulumela iRTMC, uSimon Zwane, uthe uhlelo lwezobuchwepheshe lakwazi ukuba yimpumelelo ngonyaka ka-2022 lapho bakwazi khona ukusiza abantu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu.
IRTMC ikugcezelelile ukubaluleka okuhlangabezana nongqamlajuqu ekuvuseleleni.
“Njengoba sibheke esikhathini samaholidi iRTMC iluleka abashayeli ukuthi benze izinhlelo zokuvuselela izincwadi zokushayela kungaze kudlule isikhathi,”
“Bangaphezulu kwesigidi abantu abanezincwadi ezizophelelwa yisikhathi ngo-October futhi kuzophoqa ukuthi zivuselwele ngaphambi kokuphela kwenyanga,”



