
Isiphihli sengozi sidlule nenqwaba yemiphefumulo
Sane Mseleku
Kubatshazwa ingozi enyantisa igazi ehlanganisa itekisi neloli edlule nemiphefumulo engu-11 ngesikhathi siloba.
Abanye balimale kanzima kwaphoqa ukuthi baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene bathole ukwelashwa.
Le ngozi yenzeke emgaqweni uR103 ejikeni Lotus Park, eThekwini.
Itekisi ebandekanye kule ngozi ikhonjwa eLovu nase-Adams Mission, nokho bekungaqinisekiswa ngesikhathi siloba.
Khonamanjalo, kulimale abantu abangu-14 engozini yomgwaqo, lapho kushayisane itekisi nemoto.
NgoLwesithathu ekuseni ngabo 08:00 kushayisane itekisi nemoto empambanweni yomgwaqo u-Incube Road no-Ismail C Meer Road, enkabeni yedolobha, eThekwini.
Abosizo lokuqala bafike endaweni yengozi kuyisiphithiphithi, njengoba befice imoto ibheke phezulu, abanye behleli eceleni komgwaqo belimele.
Kufike abophiko le Advanced Life Support, nabanye bama Ambulance bezosiza ngokushesha.
Babalelwa kwabangu-14 abalimalile kule ngozi, nokho bathole usizo lokuqala esigamekweni ngaphambi kokuba badluliselwe kwizibhedlela zaseThekwini, ukuyohlolisiswa.
Imbangela yengozi ibingakaziwa kodwa amaphoyisa asaphenya.



