
Intululwane yezinhlamvu kudutshulwa usomabhizinisi
Kubatshazwa isihlulu kudutshulwa kubulawa usomabhizinisi nomengameli wephalamende lase-Alexandra, uVincent Ndima, ovukelwe abantu abangaziwa ezintatha zangoMsombuluko.
UNdima, odume ngelikaVinny, nomngani wakhe uThabo Mahane bavinjezelwe abasolwa abebehlome ngezibhamu ngesikhathi beshayela besuka ku-13th kuya ku-11th Joe Nhlanhla Street, e-Alexandra.
Abazibonele bathi abahlaseli bavulele ngezibhamu zezinga eliphezulu, kwashiya amagobolondo angaphezu kuka-40 echithekile ehlakazekile endaweni yesigameko.
Yize eshayiwe, kubikwa ukuthi uMahane uphindisele ngenhlamvu ngaphambi kokuthi oshayasibhamu babaleke. UNdima ushonele endaweni yesigameko, uMahane yena waphuthunyiswa esibhedlela esesimweni esibucayi.

UVinny uhlonishwa kakhulu njengomsizi womphakathi olwa nobugebengu. Wayevame ukusiza abampofu ngamaphasela okudla, esekela izindleko zomngcwabo emindenini edonsa kanzima, waze wasiza nokuvuselela amakhaya kanye namakhansela endawo njengo-Adolf Marema.
Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokushona kwakhe, ngoLwesihlanu ekuseni, uVinny washayela umhleli wezindaba we-Alex Reporter, uJonk Mashamba, emnxusa ukuba ahlale eqaphile. “Mashamba, vuka – kuningi ukudubulana elokishini. Awukwazi ukulala,” kusho yena.
Isolezwe



