
Into emnandi iyaphindwa kubuya iLiquideep
Sphumelele Maja
Igembu ebelishisa izikhotha eminyakeni edlule iLiquideed selilungise izinto laphinda lahlangana emuva kokuhlukana iminyaka engu-11.
Lesi simemezelo senziwe ngoLwesine ezinkundleni zokuxhumana yileli qembu elibunjwe nguZiyon (Jonathan Hamilton), noRyzor (Thabo Shokgolo).
Babhala umyalezo othi,” We missed you too” ohumusheka ngokuthi besinikhumbula.
ILiquideep yaqala ukuhlangana ngonyaka ka-2007.
Bathatha ikhefu ngo-2009 emuva kokukhipha ingoma eyashisa izikhotha esihloko sithi Fairytale.
Akusiyo kuphela le ngoma eyajabulisa abantu eNingizimu Africa kodwa kubalwa nethi Alone, Rise Again, BBM kanye Something About You.
Ubuciko nekhono kulaba kwabalethela indathane yemiklomelo, kufaka phakathi Ingoma Yonyaka, I-albhamu Yonyaka, Iqembu Lonyaka phakathi kweminye.
Udumo nogazi kwabadonsela amehlo emazweni omhlaba bathola izimemo ukuyodlala emazweni okubalwaPortugal, USA namanye amazwe aseNingizimu neMelika.
ILiquideep yamemezela ukuhlukana kwabo ngo-2014, yashiya abalandeli bezibuza beziphendula eziholele ekuhlukaneni kwabo.
UZiyon uqhubekile nokuphusha umsebenzi wakhe yedwa , wakhipha i-EP yakhe ewina imiklomelo ethi “Clear Skies” ngo-2018.
URyzor yena wayeqhubeka nokukhiqiza nokugcina umsindo wakhe ngemuva.
Ngo-2025 laba ababili baqinisekisile ukuthi sebekulungele ukubhala isahluko sabo esilandelayo.
Kulindeleke ukuthi badlale emcimbini waminyaka yonke eBloemfontein, lokho okuzoveza ukubuya kwabo.
Ukubuya kweLiquideep kuthembisa ukuvuselela umlingo owake wachaza abaningi ezindaweni zobumnandi.