Izindaba

Ingebhe ngokukhuphula kwezindleko ngenxa yempi

Zakithi Mnguni

Impi eqhubekayo eMiddle East, ebandakanya i-Iran, United States kanye ne-Israel, kulindeleke ukuthi ibe nomthelela ongemuhle emnothweni waseNingizimu Afrika.

NgoMgqibelo iBBC ibike ukuthi abaseYemen bathumele imicibisholo ekhafula umlilo e-Israel beseka i-Iran, Ithi isazohlasela kakhulu kunakuqala.

Lokhu kuzoshaya ikakhulukazi ezindlekweni zokuphila kwabantu nsukuzonke.

Ochwepheshe bezomnotho baxwayisa ngokuthi ukungazinzi kulendawo kungaphazamisa ukuhlinzekwa kukawoyela emhlabeni, okungaholela ekukhuphukeni kwamanani kawoyela.

INingizimu Afrika, incike kakhulu kwimboni kawoyela, ingase ibhekane nokukhuphuka kwentengo kaphethiloli.

Lokhu kungaholela ekwenyukeni kwezindleko zokuthutha, okugcina sekuthinta amanani okudla nezinye izimpahla zansuku zonke.

Ngaphezu kwalokho, izimo zomnotho zomhlaba eziguquguqukayo zinganciphisa amandla erandi, okwenza ukuthengwa kwezimpahla ezivela kwamanye amazwe kubize kakhulu.

Lokhu kungase kuholele ekukhuphukeni kwezinga lentengo yezimpahla (inflation), okungaphoqa amabhange ukuthi anyuse izinga lenzalo.

Uma lokhu kwenzeka, abantu abaningi bangase bathwale kanzima ukukhokha izikweletu zabo.

Ochwepheshe bathi noma impi ikude neNingizimu Afrika, imiphumela yayo izozwakala ezimpelweni zabantu, njengoba izindleko zokuphila ziqhubeka nokunyuka.

Njengamqnje upetrol (unleaded) ubiza uR20, 19 cents ezingxenyeni ezimaphakathi nezwe kuthi udiesel ubize uR18, 60.

Related Articles

Back to top button