Ezemidlalo

Inameva indlela ye-Orlando Pirates kwiCaf

Indlela ye-Orlando Pirates ebheke esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League seyithanda ukuqansa.

Lokhu kuza emuva kokuthi ezika-Abdeslam Ouaddou zibuye nenduku yombangandlala eDR Congo.

IPirates ibidlala umdlalo womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlunga.

Amagoli agile i-Orlando Pirates igoda ashaywe ngoWanet Kashala esiwombeni sokuqala, noDramane Kambou kwesesibili.

Elesithathu lingene esikhathini esengeziwe.

NePirates ibe nawo amathuba kulo mdlalo.

UDeon Hotto ulishayile negoli esiwombeni sesibili, kodwa laphikwa ngoba bekukhona oweLupopo odlaliswe kabana.

Ukuhlulwa ekuhambeni kwenza ukuthi indlela yayo iqanse kakhulu njengoba kuzomele izibuyisele zishisa lezi zinduku kuleli.

Kuzomele inqobe ngo 3-0 nayo ekhaya ukuze kuyiwe kumaphenathi, noma inqobe ngo 4-0 kuya phezulu ingangenelwanga goli.

Ngale kwalokho, indlela yayo kulo mqhudelwano izosheshe iphele – okungaba yindumalo enkulu kwazise kubhekwe lukhulu kuyo kulo mqhudelwano.

Phela ngesizini edlule leli qembu lize lavinjwa kweyandulela eyamanqamu kanti kulokhu kubhekwe lenze kangcono ngokuthi lize lifike kowamanqamu.

Umdlalo womlenze wesibili uzoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Ngaphambi kwalokho, izobhekana nePolokwane City koweligi enkundleni efanayo ngoLwesithathu.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button