
AwaseMzansi nomyalezo oshubile ebhubhudla izimbangi
IKaizer Chiefs ikhombise izinhloso zayo ngokudlala kahle esiwombeni sokuqala ibhekene neqembu laseDR Congo i-AS Simba eDobsonville Stadium ngeSonto ntambama.
Amakhosi aye ekhefini esevele ehamba ngo 3-0, kodwa yize eqhubekile nokulawula umdlalo ngesiwombe sesibili, awakwazanga ukwengeza amagoli.
UGodspower Ighodaro, uZitha Kwinika noGlody Lilepo bashaye amagoli Amakhosi. Ngebhadi uLilepo ulimalile wangakwazi ukubuya ngesiwombe sesibili.
I-AS Simba ikwazile ukwenza umphumela uhlonipheke ngokushaya igoli elenze kwaba ngu 3-1 ngemuva kwemilenze emibili – owokuqala uphele zibambene ngo 0-0 eCongo.
IStellies, nayo edlale ngokulingana eGuinea ne-De Agosto ibuyele ekhaya yashaya le mbangi yabo ngo 4-1 e-Athlone Stadium ngeSonto ntambama.
Amagoli ayo ashaywe nguThato Khiba, Sanele Barnes, Andre De Jongh noChumani Butsak
Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi weChiefs uCedric Kaze uthe ujabule ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo.
“Ngiyajabula ngoba sikwazile ukudlulela esigabeni samaqoqo. Lokhu kungumlando eqenjini futhi uyabona ukuthi nabalandeli bajabule kangakanani ngakho.”
IMamelodi Sundowns idlule ngehubo lika 7-1 kwiRemo Stars yaseNigeria emdlalweni wokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League.
NgeSonto iSundowns inqobe ngo 2-0 ePitoli kanti ngempelasonto edlule inqobe ngo 5-1 ekuhambeni.
Lisenethini.co.za



