EzokungcebelekaIzindaba

Abuya futhi lawo madoda – Shwi noMtekhala

Bahle Mkhize 

Kuchwaza izinkundla zokuxhumana injabulo iqembu elashisa izikhotha uShwi noMtekhala bememezela ngokusemthethweni ukuthi sebebuyelene.

“Kukhona into esiyiphekayo, aphinde abuya futhi lawo madoda, Khehla lenyoni noGolog’obovu. Anisasazi senisizwa ngendaba. Kulo nyaka kukhulu okuzayo. Uzozwa ngetshe njengenyoni,”

Inkukhu yaqale yawusola umgqakazo ngesikhathi lezi zihlabani zikamaskandi ebeseziyinkukhu nempaka, uMandla “Shwi” Xaba noZwelenduna “Mtekhala” Magubane, ziyibhikla ndawonye ingoma eGoli ngoDecember.

Lezi zilomo, ezidabuka eMahlaba, eMsinga, zibonakale zingamathe nolimi emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu kaMtekhala esihloko sithi Inkunzi Emavava eMahlathini Park eVosloorus.

Ngalobo busuku uShwi noMtekhala baze bacula ndawonye ingoma ethi Itotolozi Yabulal’ Umalume nenoni abaduma ngalo elithi Ngafa.

UShwi wacashunwa kwabezindaba ethi yayingekho vele into ababeyibanga ngaphandle kwamanga abantu.

“Angisazi noma kwaku-2009 yini kuqala ukuba nogesi neTV ekhaya, ubaba wabuya neDVD neCD eyayinengoma ethi uyobe unenhlanhla mawuphume neskhuni sivutha emanzini”

“Ilaphoke ngaqala khona ukuthanda uMaskandi kuze kube manje ngawuthanda ngalamadoda,” kuphawula umlandeli uSpongie ezinkundleni zokuxhumana.

“Kuhle enikwenzayo niqhubeke njalo ningaphinde nivumele usathane anehlukanise nisyisbonelo esihle kithi” kusho uMzukulu kaMaMlondo naye ongumlandeli

Ukuhlukana kwabo kwaletha esikhulu isilio endimeni kwazise base basebenze ndawonye iminyaka engu-20 bakhipha ama-album angu-17.

Abaningi babakhunbula nge-albums esihloko sithi Wangisiza Baba eyadayisa amacwecwe angphezulu kwa-500 000.

Ukuba muncu nobudlelwano bao baqala ngo-2021 beqopha i-album yokugcina esihloko sithi Wangikhulisa uMama kodwa lagqashuka ucu kahle hlengonyaka olandelayo.

Related Articles

Back to top button