Izindaba

Ababulali bambize ngenja udado (7) esefile

Bahle Mkhize

noMorgan Ngwazi 

Ushaqekile umndeni Thandolwethu Mahlangu oneminyaka yobudala eyisikhombisa obedukile eDelmas, eMpumalanga, wabe esetholwa ebulewe.

Ngaphambi kokuthi atholakale, umama wakhe u-Ayanda Ngwenyama uthi umbulali wendodakazi yakhe umbhalele umyalezo ethi uyababona njengoba bathungatha ingane.

Uqhube wathi: “Sesiyibulele lenja yenu, angazi noma ufuna sikulethele isidumbu yini,” kusho unina wongilwa.

Uthi nangempela ingane ibe seyitholakala eduze komuzi wesihlanu ukusuka kubo.

Uphinde wathola omunye umyalezo uthi abakaqedi.

“Asikaqedi, uma ningawukhokhi u30k wami ngizobulala nalena encane elama le, niyoze nikhokhe”

Amaphoyisa abe esebuza abazali ukuthi ukhona yini umuntu abamkweketayo baphika bama ngentaba.

Bathi omashonisa abathathu abake baboleka imali kubona, yakhokhwa yonke.

Amaphoyisa agasele kulabo mashonisa eyobabuza bafike bathi imali eyayibolekiwe wuJabu okuyise wengane seyakhokhwa.

Ubaba kaJabu, uBafana Mahlangu, uthe ukholelwa ukuthi indodana yakhe ibingakweleti muntu mali waphinde wangabaza nesamba sika-R30 000 seCashSend.

UMahlangu uthe umndeni ushaqekile.

“Angazi nokuthi ngizoqala ngaphi ukuchaza indlela esizizwa ngayo, namanje asiqondi ukuthi kwenzeke kanjani lokhu, izingane abedlala nazo zathi aziboni muntu. Wonke umuntu ubefuna uThandolwethu,” usho kanje.

UMnuz Jacob Skhosana uthole isidumbu sikaThandolwethu ngesikhathi eyolanda udoti othuthwa njalo ekuseni.

“Ngathi ngibheka iphepha elalibhajwe phakathi komjondolo nothango ngesikhathi ngiphakamisa amehlo ngabona imilenze yakhe nohhafu womzimba wakhe”

“Ngangapholisa maseko ngazungeza umjondolo ngambona elele phakathi kodonga lwendlu kamakhelwane wami”

“Ngisethuka namanje uma ngicabanga ngakho ngoba sonke besiphamsi phezulu simbheka,” kusho uSkhosana.

Uthe uThandolwethu ubenemihuzuko esweni nezibazi ezincane esandleni nasemhlane.

UMahlangu uthe ukushona komzukulu wakhe kushiye igebe emndenini. Base bethandazele isikhathi eside ukuthi abuye ephephile.

Amaphoyisa aseMpumalanga avule icala lokubulala, ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMaj-Gen Zeph Mkhwanazi likugxekile ukubulawa ngesihluku.

“Abantu sebelahlekelwe ubuntu, umuntu angabulala kanjani intombazane engenacala enekusasa layo lonke? Ngeke siphumule abasolwa bengakaboshwa,” kusho uMkhwanazi.

Related Articles

Back to top button