
Ingqophamlando kwiBafana Bafana kweyoMhlaba
Ngokokuqala ngqa ngqa, i-Bafana Bafana idlulele esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba yeFIFA ngemuva kokuguqisa iSouth Korea ngo 1-0 ngoLwesine ekuseni.
Abafana bakaHugo Broos bakhombise ukukhula nokuzimisela okusezingeni eliphezulu ngesikhathi kudingeka, belandela uhlelo lwabo lomdlalo ngokucophelela.
Ngenkathi iNingizimu Afrika iqeda umsebenzi ngasohlangothini lwayo, iMexico yona iyilekelele kakhulu komunye umdlalo kaGroup A obudlalwa ngesikhathi esifanayo.
IMexico ishaye iCzechia ngo 3-0 ukuze ivulele i-Bafana Bafana indlela eya esigabeni somkhumulajezi.
Isikhathi esingasoze salibaleka ngalo mdlalo sifike ngomzuzu ka-63.
UThapelo Maseko uziqinise isikhundla njengeqhawe lesizwe, eshaya igoli elibe wujuqu emva kokuthola ithuba elihle.
Igoli lakhe elilodwa qha belanele ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyawathatha amaphuzu amathathu okuqala abaluleke kulo mqhudelwano.
Ngalo mphumela ongeke uze ukhohlakale, i-Bafana Bafana iqede endaweni yesibili kuGroup A ngemuva kweMexico.
Lokhu kuvala umkhankaso onomfutho omkhulu wesigaba bamaqoqo, lapho abafana bakaBroos beqoqe khona amaphuzu amane emidlalweni emithathu.
Bakhombise ukubuya ngamandla emva kokushaywa emdlalweni wokuqala.
Lisenethini



