Izindaba

Simanzonzo isimo kubulawa uthisha esikoleni

Simanzonzo isimo eKayamandi Primary School kulandela ukudutshulwa kubulawe uthisha oneminyaka engu-54 ubudala.

Umufi kuthiwa ubephinde abe nguNobhala wesikole.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ntanbama eStellenbosch ngemva kokuphuma kwezingane esikoleni kodwa sisanda kuvela kwabezindaba.

Izakhamuzi zithi ezinye izingane bezisesikoleni ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu.

Abanye abafundi nabazali bathuka izanya akwaziwa ukuthi kuzoqhubeka ukufunda namhlanje.

UThisha utholwe sekumenele ukufa abasolwa abaziwa nophenyo luyaqhubeka.

Akubuzwa ukuthi ukufa kwalo thisha kulethe ukukhathazaka ngokuphepha ezikoleni.

Kuzokhumbuleka ukuthi izigameko ezifuze lezi seziyintshakavubela umchilo wesidwaba.

UThishanhloko wase-Ekuthuleni Primary, eKraaifontein, naye wadutshulwa wabulawa ngaphakathi emagcekeni esikole.

Umphakathi uthi usudiniwe ukuhlukunyezwa kothisha phambi kwezingane futhi ufuna kuqiniswe ezokuphepha.

Kwesinye isigameko esifuze lesi esike sabika ngaso kwiPurpose ngasekuqaleni konyaka kwaboshwa umfundi kagrade 10 ngecala lokugwaza uthisha kubangwa ukuthi ufike emuva kwesikhathi esikoleni.

Lesi sigameko esishaqise abafundi, othisha nomphakathi senzeke eKgabareng Secondary School eViljoenskroon esifundazweni iFree State.

Okhulumela uMnyango weseMfundo eFree State uHoward Ndaba, uthe lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ngesikhathi uthisha ethusana nalo mfundi oneminyaka engu-21 ubudala.

“Ngesikhathi uthisha ezama ukuqondisa lesi sigwegwe kuphakame imimoya. Sibikiwe lesi sigameko kanti kusalindwe ukuthola ingqikithi,” usho kanje.

UNdaba wengeze ngokuthi uMnyango uzosebenza eduzane neziphathimandla zomthetho ukunqanda udlame nakho konke okuphambene nemithetho nemigomo yesikole futhi kube nokuphepha.

UMnyango wezeMfundo uthembise ukuthumela abazolekelela abafundi nothisha ngosizo lokululekwa ngokwengqondo nangokomoya.

Bazophinde baqinisekise ukuthi isimo sibuyela kwesejwayelekile baqinise ezokuphepha balekelele nokuthi abafundi babuyela esikoleni esinokuthula nemfudumalo.

Related Articles

Back to top button