
Ishiye kukhalwa imvula enamandla kulahleka (3)
Zishiye kukhalwa izimvula ezinamadla ebezihlasele isifundazwe sakwaZulu-Natal namaphethelo kule mpelansonto esiphuma kuyo.
Phakathi kwezinye izindawo okudaleke umonakalo kuzo kubalwa eMshwathi, eMgungudlovu.
Kule ndawo kuthiwa kuguguleke imizi eyakhe eduze nomfula kwazise ubudla izindwani kwaphinde kwamuka abantu abathathu, izolo ntambama.
IMeya yaseMshwathi uCllr Mandla Zondi uthe ushayelwe ucingo ngehora lesithupha ebikelwa ukuthi sekunemizi yabantu ekhahlanyezwe yizulu.
“Lingakagamanxi ihora lesithathu ngithole umbiko othi imvula isiyonile, umfula Injasuthi umane wanqamula la ungahambi khona”
“Awuhambanga lapho ujwayele ukunqamula khona, kwathinteka nemizi eseduze. Okubuhlungu kulokhu kuthiwa kunabantu abathathu okubikwe ukuthi balahlekile,” kusho uZondi.
Kuvele ukuthi kusalindwe abezimo zokutakula ukuze basize kulesi simo esimanzonzo.
IPurpose ixwayisile ngomhla ka-16 inxenxa nabashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela emgaqweni njengoba kushelela ezindaweni eziningi.
Kusukela ngoMgqibelo kusihlwa imvula ilokhu iyidlive njalo.
Lesi simo esibi sezulu sesiholele kwingozi ebandakanya izimoto ezimbili ngasepulazini lezinkomo lakwaNxumalo emajikeni abheke eShowe ku-R66.
Abashayeli baxwayisa ngenkungu ejwayele ukukhasa phansi kule ndawo.
Isimo somgwaqo sesibuyele kwesejwayelekile kanti awukho umphefumulo odlulile.



