Izindaba

Amaphoyisa angqokloze ngenhlamvu obekhishwe ngebheyili

Aphelele Cebekhulu

Amaphoyisa amthele othulini umsolwa ovele wanyamalala wangaziwa ngesikhathi esadedelwe ngebheyili.

Ubeboshelwe amacala ahlanganisa elokubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuthumba.

Amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Tracing Team abephethe i-warrant yokumbopha egungazwe yinkantolo aqonde kwa-E eMlazi lapho obekuzwakale ukuthi ungakhona ngoLwesine ebusuku.

Nebala atheleke engasadle nkobe zamuntu.

Ngokwemibiko uthe uma mayewabona wadubula kuqala ebhekise ngakuwona nawo aphendula ngenganono waphelela endaweni yesigameko umsolwa.

Akusona isigameko sokuqala lesi, kuzokhumbuleka ukuthi amaphoyisa akwaZulu-Natal, eNanda, athele othulini umsolwa (26) obecashe eLusaka kule ndawo.

Lesi sigameko senzeke ngoJuly.

Ngokusho kwamaphoyisa usolwa ubevele efunelwa amacala abucayi abakwasidlodlo.

“Amaphoyisa ethimba le-Inanda Task Team aphikelele kuyo lendayo esigcemeni sase Lusaka lapho umsolwa abebhace khona. Umsolwa ubefunelwa amacala amathathu okubulala nelilodwa loluzama ukubulala”

“Ngesikhathi amaphoyisa efika la bekucashe khona umsolwa umane udedele umlilo ubheke emaphoyiseni. Ngenhlanhla alikho iphoyisa elidubulekile,” kusho amaphoyisa kwisitatimende.

Kutholakale isibhamu kusmolwa esingekho emthethweni sohlobo lwe 9mm. Kube sekubizwa i-IPID aphuthume endaweni yesigameko.

Akusona isigameko sokuqala lesi ukuthi amaphoyisa athele othulini abasolwa abaningi ngesikhathi esisodwa.

Ngo-April amaphoyisa adubula abulala abasolwa abane. Kwabikwa ukuthi ayegagazisana namaphoyisa ngezibhamu kwaDesai, ePinetown.

Kwaphunyuka abasolwa ababili babaleka, bonke labasolwa kwabikwa ukuthi babehlalise lubhojozi umphakathi.

NgoMashi kwaba yisimo esifanayo amaphoyisa edubula abasolwa abane eCato Crest, eThekwini. Bona babefunelwa amacala okubalwa, ukuphanga kuhlonyiwe, ukubulala namanye.

Related Articles

Back to top button