Izindaba

Kugaxele noGigaba kwelenkohlakalo kwaTransnet

Morgan Ngwazi

UMalusi Gigaba ubhekene necala lenkohlakalo nababeyizikhulu zakwaTransnet uBrian Molefe, Siyabonga Gama, Anoj Singh, owayeyi-CFO kanye noThamsanqa Jiyane.

NgoLwesibili i-Investigating Directorate Against Corruption (Idac) yengeze ngokusemthethweni uMalusi Gigaba njengomsolwa wesihlanu ecaleni lenkohlakalo elithinta ababeyizikhulu zakwaTransnet.

Bavele kafushane enkantolo yamacala akhethekile ePalm Ridge labe selihlehliselwa uJanuwari 30 ukuze kudalulwe idokodo, kanye nokuhlinzekwa kwecala, nosuku lokudluliselwa kwecala eNkantolo enkulu.

Okhulumela i-IDAC, uHenry Mamothame, uthe ukuvela kukaGigaba enkantolo kumayelana nesikhathi esisukela kuNovemba 2010 kuya kuMeyi 2014, lapho kwenzeka khona lamacala ngesikhathi enguNgqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni.

“Ukuvela komsolwa enkantolo kusukela esikhathini lapho uTransnet ebambe iqhaza ekuthengeni izitimela ukuze kwandiswe futhi kwenziwe ingqalasizinda yezitimela ibe yesimanjemanje.

Kulapho izinhlelo zokukhishwa kwamathenda ezisemthethweni zashaywa indiva, kwakhishwa izinkontileka ezintathu ngendlela engafanele ukuze iTransnet ihlinzeke ngama-95, 100 kanye nezitimela eziyi-1,064 ezinkontilekeni ezintathu ezahlukene, okuholele ekulahlekeni kwezigidigidi zamarandi kwaTransnet.

Umbuso uthi, ngesikhathi uGigaba enguNgqongqoshe wamukela izimali ezingadalulwanga emalungwini omndeni wakwaGupta.

Related Articles

Back to top button