Izindaba

Ziphelile izinkomo zabantu amasela eLovu

Morgan Ngwazi

Ushaqekile umphakathi waseLovu eningizimu neTheku uvuka inkundla yezemidlalo eKetangweni kuhlinzwe izinkomo zokwebiwa.

Zinhlanu izinkomo ezitholakale enkundleni yezemidlalo ngezithuba zabo-6 ekuse ngoLwesibili.

Ezinye zisale zisaboshiwe kubonakala ukuthi nazo bezizohlinzwa ukube izigilamkhuba eziphazamisekanga.

Ngomthombo othembekile ongathandanga ukudalula uthi lezi zinkomo zintshontswe ko-2 rooms zayohlizwa kule nkundla ngabantu abangaziwa.

Umnikazi wezinkomo uMnuz Bongani Cele walile ukuphawula wathi njengamanje usafuna ukubhekana nalesi simo kuyima ekhuluma nabezindaba.

Ubalule nokuthi ufuna ukuyovula icala emaphoyiseni aseManzimtoti kuyima ebhodla. IPurpose ihoshe nomoya wokuthi izigilamkhuba zisebenzisa umuthi onzima njengoba kungazwakalanga ngesikhathi lezi zinkomo zikhishwa esibayeni.

Izigameko zokwebiwa kwemfuyo zite chithi saka njengoba izigebengu zizenzela imali eshisiwe ngezinkomo zabantu.

Khonamanjalo umphakathi waseMatata, eMaphephetheni, eNanda, ubulale ngesihluku abantu abane abasolwa ngokweba imfuyo ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko okuthiwa senzeke kusempondo zankomo ngoMgqibelo, kushiswe abane ezimotweni ezimbili okusolwa ukuthi kuthwalwa ngazo inyama yezinkomo ezebiwe.

Abathathu bashiselwe emotweni eyi-7 seater, kwathi oyedwa washiselwa evenini.

“Kuthiwa babavimbezele lapho, bebabuza ukuthi benzani kule ndawo ekuseni kangaka futhi bangobani, abavela kuphi?” kulanda umthombo.

Uthe laba besilisa bavele bankwankwaza, abasolwa base besesha iveni, bazithela phezu kwenyama yenkomo ilayishwe phakathi.

Related Articles

Back to top button