
Unqunywe uqhoqhoqho washiswa owesifazane kwaMashu
Aphe Cebekhulu
Usemanzini umphakathi waKwaMashu esigcemeni sakwa- K, ngemuva kwesigameko esinyantisa igazi lapho kubikwa ngendoda enqume uqhoqhoqho udadewabo.
Akuphelanga lapho kodwa uphinde wamshisa nendlu ezama ukucisha ubufakazi.
Amaphoyisa kanye nezicisha mlilo zitheleke emva kwesehlakalo selidume ladlula.
Ikhanda likamufi litholakale ebhakedeni emjondolo kamsolwa ligcwele igazi.
Izithombe ezibonwe yiPurpose zinyantisa igazi njengoba umufi ubesenamathele embhedeni elele ebheke phansi esengamalahle.
Akwaziwa isizathu esiholele kulokhu kubulawa kwamgilwa ngesihlulu kangaka.
Khona esigcemeni esifanayo umphakathi wakule ndawo ukhala ngeDimoni elihlasele.
NgoLwesine kusihlwa esigcemeni kwaK umphakathi ubambe inkonzo ukhanyise namakhandlela emgwaqeni ngemva kokuba owesilisa ezilengisile wafa.
Kwesinye isigameko ngoMsombuluko iPurpose ibike ngoLumka Shezi ogwazwe yisoka lakhe laseMlaza lambulala.
Umufi uke wasebenza ePavallion Perfect 1O Nail & Body Studio, ngokuhamba kwesikhathi ubesezisebenza enendawo yakhe yokucwala abantu.
Utholakele esegwaziwe endlini yakhe, kanti kusolwa leli soka abanengane yentombazane eneminyaka eyisishagalombili ubudala.
Kwamanye amaVoice Notes aputshukele kwiPurpose kuzwakala omunye wabangani baLumka ekhala ngokuthi wabalahla wakhetha leli soka.
“We-Oh uLumka ushonile busuzwile? Kusolakala ukuthi ugwazwe yiyo futhi le ndoda yakhe eyasixabanisa. Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba ngayikhuluma indaba yalo mfana ukuthi ngolunye usuku uyomgwaza amlimaze wangangilalela”
“Wakhetha yena walahla mina umngani wakhe owayemtshela amaqiniso. Umbulele ke manje, utholwe endlini eshonile ugwaziwe,” kukhala umngani kaLumka.



