
Sihle Mkhize
Kubhekwe iPower FM ukuthi ivuse uPenny Ntuli njengomsakazi njengoba iPurpose ibe ngeyokuqala ukudalula NgoMsombuluko ukuthi ucu alusalingani phakathi kwakhe neJozi FM.
Lezi zindaba sizidedele ngoMsombuluko kwi website yethu kanti ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule ungene ezintangeni wacela ukungaphawuli wavala ucingo.
“Ngesonto eledlule ubematasa efonela uzakwethu la kwiGagasi sagcina sibuza sonke. Sithole ukuthi ufuna izinombolo zikaTholi B osengumphathi zinhlelo zePower FM. Okusho ukuthi manje useqalile uyafesa,” kusho umthombo.
NgoLwesithu uvuke wamemezela ukuthi useshiyile kwiJozi FM lo msakazi ongaconsi phansi kwabaningi waseMlazi.
Lo msakazi usephumele obala wathi nangempela uhambo lwakhe neJozi FM selufike ekugcineni. Uthe ufisa ukubonga ithuba lokusebenza kulesi siteshi.
“Ngafika eGoli ngizitshela ukuthi ngizosebenza noma izinyanga eziyisithupha maqede ngibuyele ekhaya kodwa nakhu namanje ngisakhona. Lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi kumnandi kangakanani ukuba yingxenye yalo msakazo,” usho kanje.
Uqhube wathi okunye okugqamile ngokuba kwakhe seJozi FM ukuthi uhlabane ngezindondo ezimbili ezihlonishwayo kwezokusakaza nkathi esebenza kulesi siteshi.
Okwamanje akucaci ukuthi uyaphi kodwa umthombo wethu ubike ukuthi ngesonto eledlule kade ehambe efonela abantu ecela ukuthi bamnike inombolo yocingo yomphathi wezinhlelo iPower FM.



