
Ziyakhala kumshayeli ‘obhubhise’ (12) wabafundi
Liyah Mseleku
Usekhalelwe ngamasongo kasigonyela umshayeli wemoto edale isibhicongo sengozi edlule nemiphefumulo yezingane ezingu-12 izolo eVanderbijlpark, eGauteng.
Lomshayeli uzobhekana namacala okubulala ngokungenhloso kanye nokushayela budedengu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGuateng uSteve Mabona, uthi uMnyango wezeMfundo namuhla ntambama uzohambela imindeni yabafundi abangu-12 abashone kulandela ingozi enyantisayo ngoMsombuluko ekuseni.
“UMnyango uyakuqinisekisa ukuthi abafundi abashone izolo bangu-12 kubona kukhona ongakahlonzwa. Siphinde sibe nabantwana abathathu abasesibhedlela”
“Sizohambela imindeni elahlekelwe siyazi kunomndeni oshonelwe abantwana ababili sizoqala lapho bese sidlulela phambili,”
Imoto yomshayeli wetekisi elayisha abafundi ishayisane neloli engozini enyantisayo njengoba luqale unyaka.
Kubikwa ukuthi iloli lingene itekisi ngemuva.
Abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesehlo ngemuva kokuthola umbiko ngale ngozi.



