Ezokungcebeleka

Zikhombise ubungqwele izinkunzi zaseSoweto koweCaf

IKaizer Chiefs idlule sekuvalwe amehlo kwiKabuscorp yase-Angola iyihlula ngo 5-4 sekukhahlela amaphenathi.

Lo mdlalo ubudlalelwa endlundleni iFNB eGoli.

Phambilini umdlalo womlenze wesibili esigabeni sokuhlunga kwiCaf Confederation Cup bewuphele ngo 1-0 kunqoba Amakhosi.

Kodwa njengoba owomlenze wokuqala bewuphele ngo 1-0 nawo, kunqoba iKabuscorp, kudingeke ukuthi kuyiwe phansi kwepali iqedelwe khona indaba.

Ayilenzanga iphutha iChiefs yashiya abalandeli bechachamba yinjabulo.

Bonke abadlali abebeqokiwe bawabasele phakathi enethini kwathi unozinti uBrandon Peterson wabamba iphenathi eyodwa.

Ngakolunye uhlangothi iphinde yazidlela amahlanga i-Orlando Pirates, ishaya iLioli FC yaseLesotho ngo 4-0, kwaba ngu 7-0 sekuhlanganiswe imiphumela ukuze idlulele phambili kwiCaf Champions League.

IPirates beyinqobe ngo 3-0 emlenzeni wokuqala obuseBloemfontein ngempelasonto edlule.

Kulokhu kube nguTshepang Moremi noYanela Mbuthuma ababe ngamaqhawe, beshaya amagoli amabili ngamunye e-Orlando Stadium.

Lokhu kusho ukuthi isizodlala esigabeni sesibili semidlalo yokuhlunga okuzothi uma idlula kuso, bese ingena kwesamaqoqo.

Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button