Izindaba

Zigadle kwi-Ad Hoc Committee izigelekeqe zithumba oweMK Party

Liyah Mseleku

Izigebengu zigadle ngqo kwi-Ad Hoc Committe zithumba zibamba nenkunzi uMnuz Vusi Shongwe.

Uthunjwe ngobusuku bangomhla ka-26 November 2025 ngesikhathi ehamba ngemoto yakhe nomunye.

Ngesikhathi sesigameko, abasolwa bathathe wonke amaselula wakhe amathathu, bamsongela, bamphoqa ukuthi abanikeze imali ngaphambi kokumdedela.

Kuvulwe icala lobugebengu esiteshini samaphoyisa saseThembisa, uphenyo luyaqhubeka sikhuluma nje.

Iqembu leMK Party selibhalele incwadi uSomlomo wePhalamende uThoko Didiza, limazisa ngalesi sigameko sangoLwesithathu.

“Ngibhala le ncwadi ukwazisa ngokukhathazeka ngokungaphephi kwamalunga e-Ad Hoc Committee, ikakhulukazi lawo amele iMK Party,” kubhala uSotswebhu uCollen Makhubele.

UMakhubele uthi ubona kuphuthuma ukuthi akhulume lolu daba kusashisa ukuze iPhalamende nehhovisi likaSomlomo lazi.

“Kuyindaba ezimbi ukunazisa ukuthi umhlonishwa uVusi Shongwe, obuye abe yilunga le-Ad Hoc Committee, uthunjiwe ebusuku bangomhla ka-26 November nomunye abehamba naye ngemoto,” usho kanje.

“Ngesikhathi begetshengwa kuthathwe amaselula amathathu babasabisa bebakhomba ukuthi abachame imali” usho kanje

Icala livuliwe eTembisa Police Station, uphenyo luyaqhubeka.

Related Articles

Back to top button