Ezemidlalo

Yalile ukulala seyendlalelwe iChiefs koweCaf

UDillan Solomons uqhubekile nokuba yiqhawe leKaizer Chiefs eshaya igoli lakhe lesibili kwiCaf Confederation Cup.

Lo mdlali, osedlaliswa endaweni entsha ophikweni lwesokudla esiswini, uvikise iKaizer Chiefs ihlazo lokushayelwa ekhaya ngoMgqibelo ntambama.

Ushaye igoli lokulinganisa sekubalwa amanenjana umdlalo wabo neZamalek ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane uphele.

Bese kubukeka izosala esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano iChiefs njengoba bekubukeka seyihlulwe okwesibili – kodwa uDillan Solomons waphika.

Yize iphinde yadlala kahle, kodwa kuphinde kwagqama ukuphelelwa amaqhinga kwaleli qembu likaCedric Kaze noKhalil Ben Youssef uma selibheke epalini lezimbangi.

Njengoba bekuyiyo ebihlasela kakhulu – ikakhulukazi esiwombeni sesibili salo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane – ayikwazanga ukwakha amathuba acacile.

Mhlawumbe nenhlanhla beyingekho kulezi zinkunzi zaseSoweto njengoba ziphoqeleke ukwenza izinguquko ezimbili esiwombeni sokuqala.

Kuthe ngemuva kancane nje kokuthi iZamalek ishaye igoli lokuthi ihambe phambili, kwalimala abadlali bayo ababili oBradley Cross noGaston Sirino.

Endaweni kaCross kungene uPaseka Mako, kwathi ekaSirino yathathwa uMfundo Vilakazi, ongene nomfutho wokuhlasela futhi wenza umehluko.

Negoli leZamalek liqhamuke ngemuva kwelinye iphutha lasemuva. Kulokhu kube ngelikanozinti uBrandon Petersen ohlulwe wukuvimba ibhola elilula.

Kunokuthi alixhimfe liye kude, ulidedele lawela phambi komdlali weZamalek ongabange esabuza, walinamathisela enethini.

Iphuzu elithole ngokudlala ngokulingana kulo mdlalo liyenze yanyukela endaweni yesithathu iChiefs kwazise iZesco yaseZambia ithole induku ka 3-2 kwi-Al Masry ngoLwesihlanu.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button