Izindaba

Wakuqeqeshelwa ‘ukushaya’ ikhanda umsolwa kaWitness D

Sihle Mkhize

Umsolwa esigamekweni sokudubula abulale uMarius Van der Merwe owaziwa ngoWitness D ukuqeqeshelwe ukudubula.

Lendoda esolwa ngobunkabi uMatiphandile Sotheni (41) yayiphoyisa leSpecial Task Force elingageji ngenhlamvu.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-25 March 2026 eBrakpan Magistrate Court. Phambilini, uMarius Van der Merwe wathula ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaMadlanga.

UBrigadier Athlenda Mathe uveze ukuthi uphenyo lwabo lubavezele ukuthi uSotheni nguyena owadubula wabulala uVan der Merwe.

Umufi wadutshulwa wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eBrakpan ngomhla ka-5 December.

Lokhu kwenzeka ngemuva nje kokunikeza ubufakazi obushaqisayo ngenkohlakalo kanye nezinsolo zokufihla ukubulawa komuntu ngamaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD).

UMathe ubuye waveza ukuthi imoto abebehamba ngayo ngosuku lomshopi, yohlobo lweSuzuki ngeyentombi kaSotheni, kanti yayishayelwa uWiandre Pretorius.

“Ngokophenyo lwethu, umdubuli owadubula uWitness D wakwenza lokho esemotweni futhi lokho kungenzeka kuphela uma unoshayasibhamu oqeqeshwe kakhulu ukuba enze lowo msebenzi”

“Wadubula kabili kwathi uWitness D wabulawa yinhlamvu eyodwa. Uphenyo lwethu lusitshela nokuthi uWiandre Pretorius wayengumshayeli wemoto,” kusho yena.

Umsolwa waboshwa iTask Team ejutshelwe ukuphenya ibheshu kubantu abanindekayo kwiMadlanga Commission.

Le Task Team yasungulwa uGeneral Fannie Masemola, ngokomyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa.

Emva kokuthola ubufakazi obunzulu ezikaMasemola zithole neJ50 okuyincwadi egunyaza ukuboshwa kwamsolwa ngoMgqibelo, bahlala kuye izithonto.

Related Articles

Back to top button