
Uzobhadla ejele usayitsheni othume uphuthu umyeni
Amanda Mjaja
Uzogwetshwa ngomhla ka -1 December 2025 uSergant Kate Lindiwe Hlongwane (45) ngokutholakala necala lokubulala umnyeni wakhe.
Inkantolo ephakeme ePitoli inqume lokhu emuva kokudonsa kwecala isikhathi eside.
UHlongwane ubesebenza ophikweni lweVisible Policing Unit esiteshini samaphoyisa eDube kanti bebebusiswe ngabantwana abathathu nomyeni.
Ngokombiko udweshu lwasuka ngemuva kokuthi ngomhla ka-27 January 2024, uHlongwane wavakashela isangoma eSoshanguve eJJ,
Umufi (umnyeni wakhe) waxwayiswa yi-tracker yemoto ukuthi imoto yabo isendaweni enobungozi.
Nebala umufi waya endaweni okuyilapho wafica khona unkosikazi wakhe exoxa nesangoma efuna amakhathakhatha.
Wabe esebuyela kwelinye ikhaya labo eliseSoshanguve Extension 7 okuyilapho kwaba nengxabano ebusuku phakathi kwalaba bashadikazi.
Le ngxabano yaholela ekutheni unkosikazi axoshwe kuthiwe akaphindele kubazali ayofunda isiyalo.
Lo wesifazane wafaka izingubo zakhe emotweni bahamba bobabili kwathi ngemuva kwamahora ambalwa ekuseni babuyela ekhaya nokuyilapho uLindiwe adubula khona umnyeni wakhe wafa.
Wamdubula kaningi ngesibhamu sakhe sasemsebenzini.
Isisebenzi sasendlini sithi sezwa kuqhuma isibhamu sase siphumela ngaphandle.
“Ngahlangana noHlongwane, owayengayinaki imibuzo yami mayelana nokuthi umyeni wakhe ukuphi”, kusho isisebenzi.
Siqhubeke sathi: “Ngaqhubeka nokusesha, ngathola uRussel elele ngaphandle kwesango, opha kakhulu eduze kwendlu kamakhelwane”.
Nokho bazama ukumphuthumisa esibhedlela i-Akasia okuyilapho adlula khona emhlabeni.
ULindiwe waboshwa mhla ka-28 January 2024, icala ladluliselwa kwi-lndependent Policei Investigation Directorate (i-IPID).
Enkantolo uLindiwe uzivikele ngokuthi inganono yaphuma ngephutha ngesikhathi belwa nomufi.
UMmeli kaHulumeni uVhungani Khoza wethula ubufakazi be-ballistic obuphikisa indaba yakhe.