
Uzincengele ngokuncelisa evuka ezimobeni
Ubonga impilo owesifazane obekulalwa kungalelwe ebhekwa njengoba ubeduke ngoMgqibelo eya enxanxatheleni yezitolo kwaMnyandu.
Lo wesifazane ochazwe ngoLulama nohlala elokishini laseMlaza esigcemeni kwaW uphaphame ezimobeni zase-Stanger.
Ngokombiko we-EzaseMlazi News kuthiwa ubeme nenye intombane estobhini bamisa itekisi u-MNR ngase stadium.
Etekisini beku nabesilisa ababili, nentombazane nokubonakale ukuthi bayahambisana ngoba isijika ibheka ngase Malukazi, base bebakhiphela izibhamu.
EMalukazi bafakwe kwenye imoto eshaye yachitha nabo, njengoba ethe uphaphame ezimobeni eStanger.
Uthe usizwe ukuzincengela kubathumbi ebatshela ukuthi uyancelisa futhi useskhathini, nangempela bamuyeka kodwa eshawe kabuhlungu.
Wasencenga ngonyawo waze wathola egaraji wasenethola usizo. Akucaci ukuthi kwenzekeni ngomunye wesifazane ayehambisana naye. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Kwesinye isigameko esifuze lesi iPurpose ibike ngowesifazane oneminyaka engu-26 ubudala obulawe ngesihluku ngoLwesihlanu ebusuku eqeda ukwehla emotweni nodadewabo.
Lesi sigameko esishaqisayo senzeke e-Alexandra, eGoli, ku-3rd Ruth.
Umbulali ubecashe eduze komuzi womgilwa, ube esemdubula ngemuva.
Akaqedanga lapho kodwa wenze isiqiniseko sokuthi umshiya ethuli emqedela emgwaza amahlandla ayisithupha ngommese eselele.
Kulesi sigameko kuvele ukuthi udadewabo usindile kodwa uqulekile ngenxa yokwethuka. Akukho okuntshontshiwe.
Umufi ushiye izingane ezintathu ezincane emhlabeni.
Uchazwe njengomuntu onomusa nobehlale ecabangela abanye.



