
Uzalelwe yinja endlini uMathibeli kugasela ezikaMkhwanazi amagemugemu
Sihle Mkhize
Uzalelwe yinja endlini usomabhisi onenkampani yonogada uMnuz Calvin Mathibeli njengoba amaphoyisa esephinde agasela.
Kulokhu avunwe iNkantolo eNkulu eThekwini njengoba isichithile isicelo sikaMathibeli sokuvimba amaphoyisa ukuba aphenye izibhamu zenkampani yakhe iCalvin and Family Security Services, eDurban North.
Akukhona okokuqala ezikaMkhwanazi zigasela njengoba kulokhu bebuya ngomkhankaso i-Operation Buyisa eyenzeka ezweni lonke egunyazwa uMthethosisekelo kanye nomthetho wezibhamu (Act 60 ka-2000).
Kulokhu kuhlolwa ukuthi izibhamu kazinagcobho yini futhi ziyawulandela yini umthetho.
Le mpi kaMkhwanazi noMathibeli Kubukeka isekude ukuphela njengoba ngomhla ka-10 March amaphoyisa kuthiwa athola izimvumo zokusesha epetulula imizi kaMathibeli ezifundazweni ezine.
Konke lokhu kumayelana nethenda okusolwa umkhonyovu kuyo eGoli.
Amaphepha athile nezinye izinto zathathwa njengengxenye yophenyo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMathibeli wathi azilime ziye etsheni kulandela isinqumo senkantolo enkulu yaseThekwini.
Lokhu kungqubuzana kusuka ezinsolweni zokuthi uMkhwanazi ukhohlakele nokuthi uyakhokhelwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMathibeli wabhala iheheba kuFacebook ebheca uMkhwanazi.
Inkantolo yakhipha umyalelo wokuhi uMathibeli asuse zonke izitatimende azibhala ezinkundleni zokuxhumana, axolise aphinde akhokhe nezindleko zecala.
UMathibeli washaya phansi ngonyawo.



