EzokungcebelekaIzindaba

Uyoyixoxela amagwababa echobaba akubone eboshiwe uTsekeleke

Amanda Mjaja

Ugeqa amagula uMixon Tholo, owaziwa ngelika Tsekeleke oneminyaka engu-40 ubudala mayelana nempilo ayiphile ejele evalelwe.

UTsekeleke waboshwa ngoLwesithathu ngomhla ka-10 Septemba 2025 ngezinsolo zokuhlasela washaya umshana wakhe uNeo.

Le nsizwa eyondlekile ngomzimba yaziwa njengo mndansi, nomethuli wohlelo kwiTikTok show iPham Pham FM.

Kulokhu uTsekeleke wethule isizini entsha lapho abehluba khona indlubu ekhasini ngokwenzekala ngesikhathi esejele.

Muva nje udedeliwe ejele ngemva kokuba uNeo ehoxise amacala ayebekwe wona.

UTsekeleke uthe ufuna ukuchazela abalandeli bakhe ngahlangene nakho ngesikhathi esejele.

“Ngiboshwe bafowethu bekungabi kubi kodwa angifuni ukuzibona lapha futhi.

“Bangibeka esibhedlela ngoba ngabatshela ukuthi nginegciwane elingapheli,” kusho uTsekeleke.

Uqhubeke wathi: “Amaphoyisa ayengicela ukuthi ngiwahlanzele izicathulo zawo, ngangihlezi ngigobile ngihlanza izicathulo lokho akungijabulisanga neze.”

Uphinde wakhuluma ngokudla ayekudla engaphakathi ejele okwakungamanelisi neze.

“Ukudla bekukubi kakhulu, futhi bekungenambitheki,” kusho yena.

Uthe ijele limfundise isifundo esibalulekile angasoze wasikhohlwa.

“Angisoze ngashaya owesifazane uma ushaye owesifazane uya ejele. Noma owesifazane engangithuka noma engilwisa, angisoze ngiphakamise isandla” kusho yena.

Uphinde wanikeza izeluleko kubalandeli bakhe besilisa mayelana nodlame olubangelwa ubulili (GBV).

“Ijele akuyona indawo enhle bafana. Ngangilele kabi ngenxa yemibhede engakuniki ukukhululeka ”kusho uTsekeleke.

Ukhale nangendawo engahlanzekile uthi yayinuka phu ezinye iziboshwa zazingathandi ukuhlanza izindlu zawo nokwakudala iphunga elibi kubalisa uTsekeleke.

Related Articles

Back to top button