Izindaba

Uyalelwe ukukhokha izigidi uZuma ekhala ngaphansi

Aphe Cebekhulu

Uyalelwe ukuthi akakhokhe imali engango R28.9 million okuyizindleko zenkantolo lowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.

Inkantolo iGauteng High Court, ePretoria, ikhiphe lesi sinqumo ngoLwesithathu njengoba uZuma ubeshushisa ngokuzimela.

IJaji u-Anthony Millar liyalele uZuma ukuthi akakhokhe lemali kumphenyi wombuso aphinde akhokhe inzalo engango-R18.9 million.

Lezi zindleko zisukela ngomhla ka-25 January 2024 kuze kube wusuku lokukhokha.

Uma ehluleka ukukhokha uMsholozi ezinsukwini ezingu-60 kuzophoqeleka ukuthi umbuso udayiswe impahla yakhe.

Okunye wukuthi kungase kunconzulwe emalini yakhe yempesheni uma ngempela egcina ngokungakhokhi imali yezindleko zenkantolo.

IJudge uMillar liphinde ladonsa ngendlebe ummeli wombuso ukuthi kumele enze incwadi efungelwe yamaphoyisa ayilethe enkantolo kungakapheli izinyanga ezintathu kuphume isinqumo.

Ummeli wombuso kumele akwenze lokho akuyaleliwe njalo kuze kube wukuthi uZuma uyikhokha yonke le mali.

Njalo kuzomele abikele inkantolo ngezinyathelo noma okuqhubekayo ukuze kugcine isinqumo senkantolo.

Kwenzeka lokhu nje uMsholozi ubize isithangami sabezindaba eThekwini kusukela ngehora lokuqla emini.

Related Articles

Back to top button