
Uvalo izaguga zilinyazwa ‘uhlanya’ esibhedlela
Zihlaselwe zalinyazwa zisesibhedlela izaguga oSindisweni, eNdwedwe, KwaZulu-Natal.
Kulimale kanzima uNkk Busisiwe Ntuli (80) wasoGunjini, eNdwedwe, nesinye isaguga okuthiwa sineminyaka ewu-75.
Ngokombiko weSolezwe umzukulu kamgilwa, uNksz Zama Ntuli, uthe ugogo wakhe wangeniswa esibhedlela ngasekupheleni kwa-April, exinwe wukugula.
Uthi ngosuku lwesigameko, bathola ucingo luvela komunye umakhelwane wabo, ethi abaphuthume esibhedlela, uNkk Ntuli ulimele kanzima.
“Bathi yena nesinye isaguga bagencwe ngepuleti elifile ngumuntu othikamezekile ngokomqondo,” kusho uNksz Ntuli.
Uthe ngesikhathi befika khona bamfice elimele kanzima ugogo wabo, enamanxeba ebusweni nasekhanda.
Wathi bathole ukuthi lona wesilisa obahlasele uqale ewodini ebilele esinye isaguga, wamhlasela kanzima.
“Kuthiwa waphuma kuyo, wangena kule ebilele ugogo wami, naye wamenzakalisa,” kusho uNksz Ntuli.
Ngokwabahlengikazi bathi iziguli ezigula ngekhanda seziyaxutshwa, nalezo ezinokugula okujwayelekile.
Kuthiwa umthetho omusha woMnyango wezeMpilo.
Onogada bazihlangulile, bathi bona kabaqeqeshelwe ukubhekana neziguli eziphithanelwe amakhanda.
“Omakhelwane okuyibo abasifonele besitshela ngesigameko bebezobheka isihlobo sabo, isigameko senzeka ngesikhathi sokuvakashelwa kweziguli,”
Yibo abaze basibamba isiguli basiphuca ipuleti,” kusho uNksz Ntuli othe onogada bathi nabo bayalusaba “uhlanya”.
UMnyango wezeMpilo ubungakaze uthi vu ngalolu daba.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



