Ezokungcebeleka

Uvalelwe uSbali ngelokutapuna inanazi yengane (13) 

Usezitokisini uSimphiwe “Sbali” Mlambo (32) okubikwa ukuthi uboshelwe icala lokuhlukumeza ngokocansi ngoMgqibelo mhla ka-13 September 2025.

Umthombo othembekile uveze ukuthi ingane eneminyaka elinganiselwa ku-13 ubudala yayisendaweni yokucwala izincwele igilwa uSbali.

Lesi sigameko senzeka ngase Power Fashion edolobheni laseNewcastle, enhla nedolobha laKwaZulu-Natal iyolungisa izinwele.

USbali kuthiwa wayekhona kule ndawo njengoba kuyizindawo ajwayele ukubonakala kuzo.

Kubikwa ukuthi wayeyibuka ingane eyiconsela amathe yaze yathatha ifoni yayicofa ngoba yayikhathazekile ngendlela ayeyibuka ngayo.

Noma kunjalo kuthiwa yathi isacofa ifoni uSbali wagijima wangena phansi kwesiketi wayitapuna isitho sayo sangasese ephentini wase ephuma edla phansi.

Ingane eyayithukile kuthiwa yabe seyifonela abazali ibazisa.

Akuphelanga lapho kodwa yalibangisa esiteshini samaphoyisa esiseduze iyovula icala isiphelezelwa abazali.

Badlulela naseThuthuzela Centre yafika yahlolwa udokotela nokwabe sekuvulwa icala CASE NO 235/9/2025.

Ngokombiko weLit Radio ZA uSbali uvele kafushane enkantolo ekuqaleni kwesonto.

Uzobuyela kuyo iNewcastle Magistrate Court ngoMsombuluko mhla ka-22 kule nyanga ezofaka isicelo sebheyili.

USbali ophila nesifo sokungakhuli (dwarfism) uzakhele ugazi nodumo ezinkundleni zokuxhumana.

Lokho kwaholela ekutheni kuze kuhlelwe impi phakathi kwakhe noThabo “Terrible” Mabhokodo naye omfishane.

Kuleyo mpi yamankomane yabanjelwa eKatlehong, eKurhuleni ngonyaka ka-2021.

Kwanqoba yena uSbali.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button