
Utholwe ebhajwe emotweni umshayeli osemncane
Sindiswa Nxumalo
Kwembulwa kwembeswa kwibhungu elineminyaka engu-18 ubudala elilimale kanzima engozini yemoto eyenzeke ekuseni ngoLwesihlanu e-Ottawa, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Ngokwemibiko etholakele, imoto abeyishayela, uhlobo lweToyota Corolla, iphume emgwaqeni ku-Old Main Road yangena ehlathini eliseduze nomgwaqo.
Akukacaci kahle ukuthi yini ebangele ukuthi umshayeli alahlekelwe ukulawula imoto.
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) aphuthume endaweni yesigameko ekuseni kulandela ucingo oluphuthumayo.
Lapho efika, athole imoto isiphahlazekile phakathi kwezihlahla, kanti umshayeli ubebambeke ngaphakathi.
Kutholakale ukuthi umshayeli ubengaphenduli kodwa esaphila ngesikhathi abosizo oluphuthumayo bemhlola.
Izicishamlilo zibizelwe endaweni yesigameko basebenzisa amathuluzi akhethekile okukhipha abantu ezimotweni ezilimele.
Umshayeli uphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulensi yangasese ukuze athole ukwelashwa okwengeziwe.
Isimo sakhe sokulimala asikacaci okwamanje.
Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo ukuthola ukuthi yini edale le ngozi.
Abashayeli bayaxwayiswa ukuthi baqaphele kakhulu emigwaqeni, ikakhulukazi ngezikhathi zasebusuku nasekuseni kakhulu lapho ukubonakala kungaba kubi khona.



