Izindaba

UR110 M wabakhokhi bentela kuvuselelwa iSishayamthetho

Akusensuku zatshwala kuvulwe isiShayamthetho esidala saKwaZulu oLundi.

UNdunankulu wakulesi sifundazwe uThami Ntuli uhole umcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni umsebenzi wokulungisa nesizodla u-R110 million.

Ibhilidi elake lavakashelwa uMargaret Thatcher, lakhiwa ngesikhathi kubusa uButhelezi kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwafakwa isiShayamthetho esisha saseMgungundlovu.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal uletha impilo entsha esiShayamthetho esidala sasoLundi ngenhloso yokuhlonipha uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho.

UNdunankulu uThami Ntuli kanye noNgqongqoshe uMartin Meyer babambe umcimbi wokuqala ngokusemthethweni umsebenzi wokulungisa iSishayamthetho okuzodla u-R100 million.

Lesi sakhiwo esiyingqophamlando sakhiwa ngesikhathi kubusa uhulumeni wezwe laKwaZulu, owawuholwa nguButhelezi.

Yake yathathwa njengendawo ebalulekile kwezombangazwe walesi sifunda futhi yake yavakashelwa uNdunankulu wokuqala wesifazane wase-Britain , uMargaret Thatcher.

IsiShayamthetho sasoLundi siphenduke ngemuva kokuthi i-ANC ithathe izintambo ngo-2004 yasusa isiShayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu.

Ngokusho kwehhovisi likaSomlomo eKZN, leso sinqumo sisuselwe ocwaningweni olwenziwa ngaphansi kowayenguNdunankulu we-IFP, uDkt Frank Mdlalose.

Wathola ukuthi uLundi alukwazi ukusimamisa umnotho njengenhloko-dolobha.

UNdunankulu uNtuli uthe uhlelo lokulungisa akulona elokuvula amanxeba ezepolitiki kodwa elokugcina umlando nokuhlonipha ifa likaButhelezi.

“Leli yifa likaMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho,” kusho uNtuli. “Sivuselela uphawu lobuholi namagugu achaza isizukulwane.”

Lo msebenzi kulindeleke ukuthi udale amathuba emisebenzi ngesikhathi sokulungiswa kwawo futhi uhehe izivakashi ezinentshisekelo yomlando wezepolitiki wesifundazwe.

Scrolla.Africa

Related Articles

Back to top button