Izindaba

Uphindele esitokisini uSergent Nkosi

Uphinde wagqunywa esitokisini Sergeant Fannie Nkosi uzogqunywa esitokisini kulandela ukuvela kwakhe eNkantolo yeMantshi yasePretoria North ngoLwesibili.

Uzoze aphinde avele ngomhla ka-13 April kulo nyaka.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNkosi zimkhalele ngoLwesine, ngemuva kokuba amaphoyisa egasele emzini wakhe osePretoria North. Apequlula athola amadokodo, izibhamu, kanye nehand granade (ibhomu lesandla).

Ugcine zimkhalela wachitha impelasonto yePhasika etokile.

Isolezwe libike ukuthi inkantolo igunyaze isicelo soMbuso sokuhlehlisa ukuze uqinisekise imininingwane ehlobene nesicelo sakhe sebheyili.

UNkosi, oyisikhulu esingaphansi kophiko lobugebengu obuhleliwe eGauteng, ungomunye wabantu abethule ubufakazi phambi kweKhomishini kaMadlanga.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe ukugasela kwabo kuyingxenye yophenyo oluqhubekayo.

“Iziphathimandla ziphume umkhankaso wokuthungatha nokushaqa ubufakazi emzini kaNkosi, lapho kubikwa ukuthi zishaqe inqwaba yezinto ezingekho emthethweni, okubalwa izibhamu, izinhlamvu ezingekho emthethweni, ibhomu kanye namadokodo asuka eziteshini ezahlukene zamaphoyisa” kulandisa uMathe.

Related Articles

Back to top button