
UPenny Ntuli nelinye igxathu kwezokungcebeleka
Sphumelele Mjaja
Useziqalele eyakhe iPodcast umsakazi weJozi FM uPenny Ntuli iGetting Comfortable with Penny Ntuli.
“Ngaphambi kokuba ngisule umsebenzi enganguthanda ngenhliziyo yami yonke ngo-2023, omzala bami bangicela ukuthi angivule iPodcast”, kubhala uPenny.
Uqhubeke wathi ngaleso sikhathi wayengenalo uthando nemali ingekho.
“Ngangingenalo uthando lwayo, ngangingafuni ukwenza into engathi ngigcina icala. Ngangingafuni ukuba ne-Podcast ukuze ngihlale ngisemehlweni abantu futhi ngangingenayo imali yokuyiqala”.
Ekugcineni uthi wayengenakho ukuzethemba okwanele kokukwenza.
Abalandeli baka Penny bayakuveza ukumeseka kulesi sinqumo asesithathile .
“INingizimu Afrika ikulindele Penny Ntuli” kusho omunye wabalandeli baka Penny.
UPenny uzakhele udumo nogazi esengumsakazi weGagasi FM.
Waqala ukusebenza emsakazweni womphakathi, wabe esenyukela emsakazweni owenza inzuzo.
Nokho wahamba kungasemnandi kwiGagasi FM njengoba kwavela ukuthi wabalekiswa iholo lika R2800 nokho washeshe walithola ikhaya kwiJozi FM.
Uthe ngolunye usuku kumele ake ayenze noma izinyanga eziyisithupha khona ezobona ukuthi izomthatha imbekephi.



