
Ugqojiwe osolwa ngokushaya istimela owesifazane nabangani
Usazogqunywa esitokisini uNkululeko Sibiya oneminyaka engu-29 ubudala onqatshelwe iPietermaritzburg Magistrate Court maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal.
USibiya usolwa ngokuba ungqondongqondo ecaleni lokudlwengulwa kowesifazane waseCopesville eSwapo khona kule ndawo esidume ngezwe lezoni.
Lomsolwa kanye nabanye abalisa abayishumi kuthiwa badlwengula lowesimame beshintshana ngaye ngonyaka odlule.
Okuvelile wukuthi kunelinye icala asalihambayo enkantolo nokumele kubhekisiswe nalokho kanye nokuphepha kwesisulu.
Lezi ngezinye zezizathu ezivelile ngesikhathi uSibiya bemgqobha ethi ufaka isicelo sebhiyili.
Kulindeleke ukuthi abuye enkantolo mhla ka-25 November nalapho umseshi wecala ezoma ebhokisini aphendule imibuzo enkantolo ukuqinisekisa ubufakazi.
Khonamanjalo usazogqunywa ezitokisini uMnuz Tebogo Mnisi (38) osolwa ngokudubula abulale amantombazane angomzala Tshiamo (21) noBaleseng Moramaga (22)
Umsolwa uyinqabile ibheyili enkantolo kaMantshi eMamelodi, kanti izizathu azicaci lokho okuzomenza ukuthi aze aphinde avele eNkantolo ngomhla ka-19 January 2026.
UMnisi ubhekene namacala amahlanu okubalwa okubalwa amabili okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala, ukuba nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
Uboshwe ethela upetrol ngomhla ka-27 October ePitoli emuva kwesigameko.
Abagilwa batholwa benamaxaba okudutshulwa emakhanda kuSompisi Street, Extension 17.
Ngokusho kwabasendaweni yokucima ukoma eMamelodi, kubikwa ukuthi la bagilwa baphuze utshwala obubiza u-R10K nabanye base benqaba ukuhamba nomsolwa kuyiwe endlini.
Bathi le ndoda ebithukuthele igane unwabu ibalandelile abagilwa sebegoduka yabadubula.
Ngokusho komakhelwane, bezwe impi yamazwi iqhuma phezulu kwase kwase kuqhuma isibhamu kabili.
Uma beyohlola bafica amantombazane amabili elele edamini legazi efe ujuqu



