Izindaba

UNgizwe ujoyina uJacinta empini yabokufika

Sihle Mkhize

Sebelikebe kuNgizwe Mchunu ithemba lokuthi kwenzeke umehluko ngodaba labantu bokufika abangenamvumo kuleli.

UMchunu ubuyise themba emuva kokuphumela obala ukuthi uzomeseka uNkk Jacinta Ngobese-Zuma ongumsunguli wenhlangano iMarch and March.

UMacingwana ubekhuluma nequlu lothisha abajika nelanga abaqhinqe eMnyangweni wezeMfundo eMgungundlovu ngoLwesine befuna imisebenzi.

“Mina MaNgobese ngiyeza kuwena, umsebenzi uyancomeka. Ngikubonile laphayana ulwe waze wavela umnsinsila. Ufuna ukushayelwa ihlombe, uyabona uma umuhle izinto ozenzayo zobunsizwa azinakeki. Icacile into ayikhulumayo futhi sonke siyayikhuluma” usho kanje kwachwaza.

“Kuphela, kunezingqinamba okumele ziguqulwe. Mina ke angisondeli entweni bese ingabi nemiphumela efanele. Iyodwa kuphela into eyoxazulula lento eshiwo uMaNgobese ukuthi kushintshe uhulumeni. Abantu abalusa izinkomo zakhe, abamphekelayo, abagada izingane abokufika,” kubhoka uMchunu.

Ukhuluma kanje uMchunu uNgobese-Zuma, uthembise ukuqhinqa ngaphandle kwasemasangweni ase-Addington Primary School eThekwini.

Uthi bazoqhinqa khona kuze kusizakale izingane kuqala ezibalelwa ku-60 ezingenazo izikhala zokufunda ekubeni ezangaphandle zifunda.

Ubesho kanje lapho khona ibhekene ngeziqu zamehlo kuvimbe iphoyisa phakathi nendawo imimoya iphezulu.

“Sizoqhinqa la kuze kusizakale izingane ezibalalelwa ku-60 zakuleli ezingenazo izikhala zokufunda. Lezi zingane ezakule ndawo. Labantu abanqeni kusasa bavuke bagoduke bayodla imjolofiya yasemakubo kodwa izingane zala akukho lapho zingaya khona”

“Sifike la izolo ngoba kukhona abazali abebefuna ukubona uthishanhloko ngoba befuna izikhala. Sakhuluma neSGB sacela ukuthi bahlangane nathi nabo labazali. ISGB yavuma kodwa uma sekusondela isikhathi kwangenzeka. Uma sifika la uthishanhloko usibizele amaphoyisa, wabaleka,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button