
Umthetho awuvumi: Onogada kwinhloko yamaHawks eKZN
UMajor General Lesetja Senona uziqhathe nonogada ngesikhathi ekhishwa, kuthiwa uzame ukuqukula ikhompyutha namapheshana omsebenzi kodwa wavinjwa.
“Sithe uma silandela ubufakazi bakhe abenze kwikhomishana kaMadlanga lapho aveze ukuthi kunemiqulu yomsebenzi ayinikeza umuntu wangaphamdle, sibone kubalulekile ukuqinisa ezokuphepha ukugwema isimo esifana naleso,” Kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa eKZN.
Kuthiwa esehamba, uMaj General Senona unqume ukushiya izikhiye zehhovisi lakhe.
“Konke okwenzekile, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukubikele ibamba lenhloko yoKlebe wanxusa ukuba kuthunyelwe umuntu ozobuyisela kuMaj General Senona izikhiye zakhe.”
Ngesikhathi engena ebhilidini, uMajor General Senona wephule umthetho wezokuphepha ngokuya ehhovisi lakhe ngaphandle kokusayina irejista.
Unobhala wakhe uzisayinele yena yedwa.
UColonel, naye ungene wangabhalisa nokuyinto edide onogada abaqaphe amakhamera.
Babikele uKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngezinto ezingajwayelekile abazibonile.
Okunguyena okhuphe umyalelo wokuthi abamkhiphe ebhilodini.
USenona uthi uzizwa engaphephile ngemuva kokukhishwa ngoshova ehhovisini ephelezelwa amaphoyisa.
Uthi umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant, General Nhlanhla Mkhwanazi, uthumele amaphoyisa azomphuca iLaptop neselula.
Nomakunjalo, uthi ubengakahlinzekwa ngencwadi yokumiswa emsebenzini.



