
Umqeqeshi weChiefs uvuma eyokugoloza kwanozinti
Usematheni unozinti weKaizer Chiefs, uFiacre Ntwari obonakale egoloza ukukhishwa emdlalweni weCarling Cup la leli qmebu ligcince liguqiswe yiStellenbosch FC.
Bese kusele amanenjana umdlalo uphele futhi sekucacile ukuthi uzoqedelwa kumaphenathi ngesikhathi iChiefs yenza izinguquko ezimbalwa.
Bekucaca ukuthi seyifaka abadlali ebathembayo kumaphenathi, kubo obekukhona nonozinti uBruce Bvuma.
Kodwa uFiacre Ntwari ubonakale emangala uma ebona ukuthi naye bafuna aphume, ekhombisa nangezimpawu ukuthi akayizwa kahle leyo.
Ugicne eqhubekile kwaze kwayiwa kumaphenathi la efike wavimba khona eyokuqala, anyuka amathemba okuthi uyayazi into abeyigolozela.
Nokho ngemuva kwalokho amudle wonke amanye, kwaze kwaba iStellies sinqoba ngo 5-4, kwaba wukusala kwaMakhosi.
Ebuzwa ngalesi sigameko ngemuva komdlalo, umqeqeshi weChiefs uCedric Kaze uvele wathalalisa nje, wathi yinto eyenzekayo ebholeni.
“Yinto ebesiyihlele ejimini,” kusho uKaze echaza imizamo yabo yokushintsha abadlali ngomzuzu wokugcina.
“Kodwa izinto ezinjalo ziyenzeka, (uFiacre Ntwari) uthe uzizwa ezethemba ukuthi engaqhubeka ngakho siyadlula kulokho, sibheka imidlalo elandelayo.”
Lo mqeqeshi ukhale ngeshwa ekutheni kuze kuyiwe kumaphenathi bengalishayanga igoli lokuwina, nakuwo bahluleka sebeke bahamba phambili.
“Ibhola linjalo nje. Sihluliwe, kodwa sibe nalo ithuba lokunqoba kumaphenathi,” kusho uKaze.
“Ngeshwa eyokugcia siyishwebile. Manje sekumele siphumule, bese sibuyela ejimini silungiselele umdlalo olandelayo.
“Besifuna ukuwuqeda emizuzwini engu-90… Sibe namathuba, salikhahlelela ipali sakwenza konke kodwa ngeshwa besidlala neqembu elihle elibe nesikhathi sokuphumula.
“Thina besinomunye umdlalo ezinsukwini ezintathu ezidlule. Ngokomzimba besingekho esimweni esihle kodwa abadlali bazamile.”
IChiefs izoba nesikhashana sokufasa kahle amabhawodi axegayo njengoba kuqala ikhefu lemidlalo yeFifa nje.
Ayinabo abadlali kwiBafana Bafana, kanti nguye uNtwari kuphela osohamba aye eqenjini leRwanda elizodlala nelakuleli eMbombela ngo-October 14.
Lisenethini



