
Umculi weHip Hop ukhala ngomkhaba angasawufuni
Philasande Luthuli
Umculi weHip Hop ongaconsi phansi kwabaningi uZakwe usephumele obala ekhala ngokusindwa umkhaba.
UZakwe ubalwa nabanye abaculi abazimuke ngokweqile kanti usephumele obala ekhala ngokubhekana nale nkinga.
Lol mculi onamanoni amaningi okubalwa osihloko sithi Sebentini ubhale ezinkundleni zokuxhumana kanje: “Singa joke nje, sisho konke kodwa UYASINDA UMKHABA yeyiiiiiiii”
Lo mbhalo uwona odale abalandeli ukuthi bamnike isixazululo senkinga anayo yomkhaba.
“Faka umfutho ejimini njengoba ubuhlale wenza ” kubhala omunye wabalandeli.
Ube eseqhubeka uZakwe wathi: “Awoke uthathe u-25KG noma ngaphezulu, uwuthwale nje uhambe nawo, iyona mpilo yethu ke leyo”.
La magama akuveze ngokusobala ukuthi akasayithandi indlela ayiyo ukusindwa umkhaba.
“Awuthi ngithule kungaze kuthiwa ngithe” kuphawula uBeast abashaya iHip Hop naye efa uhleko.
“Bekezela bhuti” uNomfundo Moh emnika ithemba.
Ngesonto eledlule uZakwe wanameka ivideo esejimini ezivocavoca nalapho kwaba khona abamgqugquzelayo.
“Qhubeka Jenene futhi uyancipha kushoda isingenhla bhuti omdala” kubhala uJailor.
“Awuvukanga usunomkhaba, futhi ngeke uvuke ungasekho. Shay’umgwaqo baba.
Lento yokuzigoqa uyoveza ubuso ejimini uthathe izithombe ngeke isebenze” kubhala uChili Ex Sbu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169