
ULinda “Mr Magic” Sibiya uthi uyazisola ngokujoyina isiteshi somsakazo iVuma FM.
Ubededela lamabhomu kwiPodcast kaMacG ezinsukwini.
“Ngasheshe ngajoyina isiteshi seVuma FM okuhle ukuthi sasuka ku-80 000 ngasibeka ku-400 000 wabalaleli. Ngicabanga ukuthi ngangingaka bhodli ngokwanele ngasheshe ngathatha isinqumo” kuphawula uMr Magic.
Ngaphandle kwalokhu uphinde waveza ukuthi ukube wayengakholwa ngabe wabenzakalisa kabi abamxosha emsakazweni uKhozi FM ngonyaka ka 2014.
Uthi kunzima kabi uthi uphuma emoyeni ubizelwe ehhovisi kuthiwe hamba uyobhala incwadi echaza izizathu zokuthi kungani ungamiswa emsebenzini.
Uthi okuhle wukuthi lithatha osemsamo limbeke emnyango, kuthi osemnyango limbeke emsamo.
Bonke abamxosha nabo abasekho kodwa uthi sewabaxolela.
Usamile ekutheni into axoshelwa yona yayingahlanganise lutho neSABC, uKhozi FM, yayithinta inkampani yakhe kodwa ngoba kukhona abebuka ngeso lomona basebenzisa lelo thuba.
UMr Magic ongaconsi phansi kubalandeli bakhe usanda kudala isiphithiphithi ngesikhathi isiteshi saseThekwini iGagasi FM simemeela ukuthi uzoba ngomunye wabasakazi abazohlukanisa unyaka kulesi siteshi ngenyanga edlule.
UMagic uphinde waveza ukuthi wajamisa i-App yomsakazo iGagasi FM ngesikhathi ethula uhlelo lokuhlukanisa unyaka.
Mayelana ngokubuyela emsakazweni uthe zikhona izingxoxo ezikhona kodwa wangasisho isiteshi.



