Izindaba

Ulalelwe unyendle wabulawa ngesihluku

Morgan Ngwazi

Owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala ubulawe ngesihluku ngoLwesihlanu ebusuku eqeda ukwehla emotweni nodadewabo.

Lesi sigameko esishaqisayo senzeke e-Alexandra, eGoli, ku-3rd Ruth.

Umbulali ubecashe eduze komuzi womgilwa, ube esemdubula ngemuva.

Akaqedanga lapho kodwa wenze isiqiniseko sokuthi umshiya ethuli emqedela emgwaza amahlandla ayisithupha ngommese eselele.

Kulesi sigameko kuvele ukuthi udadewabo usindile kodwa uqulekile ngenxa yokwethuka. Akukho okuntshontshiwe.

Ngeshwa, umlingani walo wesifazane naye wabulawa endaweni efanayo ngonyaka odlule.

Ushiya izingane ezintathu ezincane emhlabeni.

Uchazwe njengomuntu onomusa nobumnandi ohlale ebacabangela abanye. Umbulali ubegqoke imaskhi.

Khonamanjalo, kudutshulwe kwabulawa usomatekisi oneminyaka engu-51 ubudala ekhoneni likaPython noPricklepear Road eWaterloo, KwaZulu-Natal, ekuseni ngoLwesihlanu.

Kubikwe ukuthi umufi ubekade emile ekhoneni ngesikhathi abasolwa ababili abangaziwa beqonda kuye bavulela ngenhlamvu.

Umufi ubenamanxeba ezimbobo zokudutshulwa ebusweni, ekhanda, emahlombe nasemhlane.

Kusolakala ukuthi kusetshenziswe i-9mm njengoba kutholwe amagobolondo ezinhlamvu endaweni yesigameko.

Imbangela yokudubula ayikaziwa.

NgoLwesihlanu kubikwe isigameko esifuze lesi njengoba kudutshulwe owesifazane phakathi etekisini eMlaza ngakwaMdladla eduze kwakaBoxer.

Abazishwashwathayo bathi yize imininingwane egcwele ingakatholakali kodwa kukholakala ukuthi kube nengxabano phakathi etekisini.

Izigameko ezifuze lezi seziyinsakavukela umchilo wesidwaba.

Related Articles

Back to top button