
UKhisimusi omnyama kuGavin Hunt oxoshwe eThekwini
IDurban City FC isikuqinisekisile ukushiya komqeqeshi uGavin Hunt – leli qembu limemezele ukuthi zombili izinhlangothi zivumelene ngokuhlukana ngesihle.
Lesi sinqumo silandela ukubuyekezwa okubanzi kwekusasa laleli qembu.
Kuthiwa ibhodi labaqondisi liphethe ngokuthi lidinga “indlela entsha yokuhlangabezana nezinjongo zesikhathi eside zekilabhu”.
Usihlalo wekilabhu uFarook Kadodia uzwakalise ukubonga ngegalelo likaHunt selokhu ejoyine leli qembu elisanda kukhushulelwa kwiBetway Premiership.
“Lesi bekuyisinqumo esivumelane ngaso, nesithathwe ngentshisekelo yekilabhu enhliziyweni,” kusho uKadodia esitatimendeni.
“Ngingathanda ukubonga uGavin Hunt mathupha ngokuzikhandla nokuzinikela kwakhe, futhi sonke simfisela okuhle kodwa ngekusasa.”
UGavin Hunt, osewine iPremiership amahlandla amane, ushiya leli qembu ngemuva kwemidlalo engu-14 kuphela yeligi.
Uqoqe amaphuzu angu-19 ngemuva kokunqoba kahlanu, ukudlala ngokulingana kane nokuhlulwa kahlanu.
Yize iqembu lisendaweni ephephile yesishiyagalombili kwilog, kuvela ukuthi abaphathi bebengeneme ngendlela iqembu ebelihamba ngayo.
Obeyiphini likaGavin Hunt, uPitso Dladla nguye uqokwe njengomqeqeshi wesikhashana kanti uzohola iqembu ngoLwesithathu emdlalweni weligi ne-Orbit College.
UDladla kubhekwe ukuthi azinzise isimo eqenjini ngesikhathi kuqhubeka lolu shintsho.
UKadodia ugcizelele ukuthi lolu shintsho lukhomba ukuqala kwesigaba sokwakha kabusha.
“Manje yisikhathi esifanele soshintsho njengoba sibheke ukwakha iqembu eliqinile ngokubhekelela ikusasa,” kwengeza lesi sikhulu.
IDurban City izosebenzisa ikhefu elizayo le-Africa Cup of Nations ukuqhuba umkhankaso wayo wokuthungatha umqeqeshi omusha.
Iqembu likholwa ukuthi leli khefu lizonikeza umqeqeshi omusha isikhathi esanele sokulungiselela iqembu ingxenye yesibili yesizini.
Lolu shintsho luphawula umzuzu obalulekile kuleli qembu laKwaZulu-Natal elifisa ukuvelela njengoba lihlose ukuzihlela kabusha.
Lisenethini



