Ezemidlalo

Uhlabene ngoR300 000 owesifazane koweHyundai noSPAR

Sihle Mkhize

I-Hyundai Automotive South Africa, yakhe ubudlelwano obunezithelo ezinhle ne-SPAR Grand Prix Series nokuzoyenza iqhubeke ibe semehlweni abantu.

Kwimijaho emihlanu ezibandakanye nayo kusukela ngoMarch kuya ku-October kulo nyaka ikwazile ukufinyela kwisibalo sabantu abangu-50 million abebelokhu beyibuka.

Abaningi babo bayiconsela amathe.

Lokhu kusho ukuthi baqe amagalani bakhuphuka ngo-518% nokukhombisa ukukhula kwazise ngonyaka odlule babeno-8 milllion nje kuphela.

“ISpar Grand Prix ihambisana nokuzibophezela kwethu ekugqugquzeleni ukuba nempilo, abantu bazivocavoce. Ukujwayeza ukuzivocavoca kubuyisa ukuzethemba nokuyinto esizidla ngayo nathi,” kusho isikhulu esiphezulu kwaHyundai uStanley Anderson emcimbini obubanjelwe eMidrand.

Ukuxhasa kwabo abantu thizeni uHyundai uthi ukwazile ukuzifaka emphakathini ngqo nokwenze ukuthi kube lula kubantu ukulokhu bezitika ngezinhlobo ezahlukene.

Lokhu kwenze ukuthi igama labo lingasuki emqondweni yabantu nokuholele ekutheni iHyundai igcine isidayiswa okwamakhekehe ashisayo eNingizimu Africa.

“Siayakholelwa ekuhlonzeni siphinde siklomelise labo abenze kakhe, ikakhulukazi uma kuyinto ethuthukisa abantu besifazane ekuholeni” kunezela u-Anderson.

UHyundai uxhase ngezimoto zohlobo lwe-EXTER SUV ezinhlanu nebiza uR269 900 iyinye kuyo yonke yomihlanu lemijaho.

UMpudi Maubane oyiSPAR National Public Relation, Sponsorship and Communications Manager uthi uSPAR uzoqhubeka ulekelele uphinde uphakamise abantu besifazane kwezemidlalo.

“USpar uzibophezele ekuthuthukiseni izimpilo zabantu besifazane futhi sijabulile ukuthi yomhlanu imijaho yaba nesasasa. Sakwazi ukusiza izinkulungwane zabantu besifazane ukuzijabulisa bahlangane nabanye kumnandi kunjeya,”

U-Anderson ubongele uGlenrose Xaba oshaye bonke amakhanda kulo mjaho nogoduke nesamba semali engango-R300 000 ukuphula irekhodi lokunqoba yonke yomihlanu imijaho.

“Ukuzibamba ziqine kwakhe kukhombise ukuthi siya kude. Lokhu kukodwa kusikhombisile ukuthi indlela eya empumelweni iyahambeka ngekhilomitha ngalinye. Inqobo nje uma ungaphazamiseki ubheke phambili,”kugoqa u-Anderson.

Related Articles

Back to top button