Izindaba

Udutshulwe wabulawa engena esangweni umsakazi

Sihle Mkhize

Basadidekile abalandeli baDumsani “Dumi Bee” Miya obengumsakazi weMgungundlovu FM odutshulwe wabulawa ngoLwesibili kusihlwa.

IPurpose ihoshe umoya wokuthi uMiya ubephinde abe umculi wokholo.

Lo msakazi ulalelwe unyendle wadutshulwa ngaphandle komuzi wakhe, ngesikhathi ehlaselwa ubenonkosikazi  kanye nengane yabo enonyaka owodwa izelwe.

Ngokusho komkakhe, uNoxolo Miya kwimithombo yabezindaba uthi bebesanda kubuya ekhaya bevela eGreater Edendale Mall.

Ngokombiko weThe Citizen Babe sebevula isango bangena ngemoto uNoxolo (nkosikazi) wangena endlini ukuyolalisa ingane.

Akuphelanga mizuzu wezwa kuqhuma isibhamu kanti sekudutshulwa uMiya waphelela endaweni yesigameko.

Omakhelwane basathukile ngalesi sigameko babuza ukuthi aze adutshulwe nje ubenzeni umuntu obenomoya omuhle kanje ekhonze nokuncokola nabantu.

“Ngesikhathi ngiphenduka ngibone indoda iphethe isibhamu idubula ibhekise ngakuye. Uzamile ukuphuma abaleke emotweni kodwa umbulali wamlandela wamqedela,”

“Simphuthumise eHarry Gwala Regional Hospital, kodwa waphelela endleleni,” kusho uNoxolo.

Umphathi siteshi weMgungundlovu FM uNothando Sibiya uchaze umyeni wakhe njengomuntu obezibophezele ekusakazeni nokuthuthukisa ikhono emphakathini.

“Ubenathi iminyaka engu-15. Ngo-2021 wafika nohlelo i-Arts Bukhoma, nokwaba wuhlelo olwasiza abaculi basendaweni ukuthi bazibonakalise,” kusho uSibiya.

Uthi emva kokushona komphathi siteshi wangaphambilini uMiya wanxenxwa ukuthi afake isandla ohlelweni olubizwa Emini Bebade, 12-3 phakathi nesonto.

Related Articles

Back to top button