
Udliwe yinhlamvu uyise wengane eshonile kumbhikisho eHomii
Bahle Mkhize
‘Ayaphi amaphoyisa imhlathi kanina’ Beyiqhuma phezulu ingoma kaMroza Fakude esihloko sithi Ayaphi Amaphoyisa ‘ kumbhikisho.
Nokho athwale kanzima njengoba abezama ukulawula ababhikishi edolobheni iTheku bebhikishela ibhilidi laseHomii.
Kuleli bhilidi kushone ingane eyiwele u-Aphelele Dlamini obeneminyaka eyisikhombisa ubudala, kwalimala kabi iwele lakhe u-Aphile.
Kwenzeke lokhu emva kokuphoseka kwilift shaft ngoMgqibelo odlule.
UMnuz Khayelihle Dlamini onguyise wamawele u-Aphile no-Aphelele ogaxe isikhwama esithombeni esingezansi, uthi ufuna ubulungiswa ngokumehlele kudlula indodana yakhe emhlabeni ngendlela ebuhlungu.

Amaphoyisa adubule uDlamini genhlamvu zenjoloba.
Abantu bagcwale izitaladi zeTheku neHomii bafuna ubulungiswa.
“Ngizofela la, ngifuna bangidubule ngife, ngifuna ubulungiswa benzeke angisabi lutho,”
“Abanye bayangasabisa bangakhipha izibhamu bavulele nesisi esikhipha unyembezi angiyindawo”
“Uma engaphumi amavideo siyayishisa iHomii. Kungani kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi umseshi uMncube aphume?
Amanye amaphoyisa akhohlakele akhokhelwa uHomii,” kusho uDlamini obethukuthele egane unwabu.
Phakathi kwamaqembu abekhona kubalwa i-ANC, MK Party, Mayibuye, Operations Dudula, March and March neamanye.
Umbhikisho ubuqonde eDurban Central Police Station.
Sishicilele kusalindwe okhulumela amaphoyisa esifundazweni sakwaZulu-Natal uRobert Netshiunda.
Sizoloba izimpendulo ezifunwa ababhikishi uma sezikhona.



