
Ubulawe ngoyaba lwezinhlamvu usomatekisi
Philasande Luthuli
Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi oneminyaka engu-51 ubudala ekhoneni likaPython noPricklepear Road eWaterloo, KwaZulu-Natal, ekuseni ngoLwesihlanu.
Kubikwe ukuthi umufi ubekade emile ekhoneni ngesikhathi abasolwa ababili abangaziwa beqonda kuye bavulela ngenhlamvu.
Umufi ubenamanxeba ezimbobo zokudutshulwa ebusweni, ekhanda, emahlombe nasemhlane.
Kusolakala ukuthi kusetshenziswe i-9mm njengoba kutholwe amagobolondo ezinhlamvu endaweni yesigameko.
Imbangela yokudubula ayikaziwa.
Khonamanjalo, lishone elangoLwesihlanu sekubikwe isigameko esifuze lesi njengoba kudutshulwe owesifazane phakathi etekisini eMlaza ngakwaMdladla eduze kwakaBoxer.
Abazishwashwathayo bathi yize imininingwane egcwele ingakatholakali kodwa kukholakala ukuthi kube nengxabano phakathi etekisini.
Izigameko ezifuze lezi seziyinsakavukela umchilo wesidwaba.
Ngomhla ka-28 October iPurpose ibike ngokudutshulwa kubulawe usomatekisi obedumile esifundazweni sase-Eastern Cape ehamba nomngani wakhe.
Lesi sigameko senzeka ngezikhathi zabo-2 ntambama endaweni yase Jekezi, eNgqamakhwe.
Amaphoyisa aqisikisile lokhu ukuthi impela kuzingelwa ababulali.
“Endaweni yesigameko amaphoyisa athole imoto emhlophe yohlobo lweToyota double cab imbobombobo yizinhlambu,” kusho uWarrant Officer Majola Nkohli.
“Esihlalweni esiduze nomshayeli bekunesidumbu sidutshulwe kwesingenhla. Isidumbu sesibili sitholakale sidindilizile emgwaqeni owubhuqu naso sidutshuliwe. Sona besiqhele ngebangana nje,”
“Kusatholakale ukuthi baneminyaka engu-37 no 42, nokho basazohlonzwa kahle,”
Uphenyo olufishane luveze ukuthi ababulali bebehamba ngemoto emhlophe yohlobo lweSuzuki SUV.
Umshayeli wayekade enguSihlalo wasoseshini khona endaweni.



