IzindabaRadio

Ubhodla umlilo uDJ Sgqemeza exoshwa Ukhozi FM

Sihle Mkhize

Ukhala ezimathonsi uDJ Sgqemeza ngokuxoshwa Ukhozi FM.

Uthi eminyakeni engaphezu kuka-20 ubenenkontileka yokusebenza noKhozi FM, kodwa abaphathi abasha balo msakazo bamazise ukuthi bayayiqeda inkontileka yakhe akabeke phansi ama thuluzi.

Uveze ukuthi akulona iqiniso ukuthi uzicelele ukuhamba, lokho amanga enziwe kusetshenziswa izintatheli ukuze kube engathi isicelo sakhe.

Udalule nokuthi lowo mphathi useyamazi kodwa waligodla igama lakhe.

“Izizathu abazishilo, nginqena nokuzisho la ukuhlonipha u-SABC nesithunzi soKhozi FM.

“Kodwa ihlazo ukuthi isiteshi esingaka singasebenzisa amampunge ukuthatha izinqumo,” kubalisa uSgqemeza.

Ucele ukuthi abazalwane behlise Umoya bakhumbule ukuthi ababambene nanyama nagazi.

NgoMsombuluko Ukhozi FM lumemeze izinguquko kwathi umzila kaSgqemeza wadliwa uVee Mthembu obesakaza kwiJozi FM.

UMthembu uzoqhubeka noMroza ekuseni kanti noKing Sfiso naye ukhiphe isitatimende emva lokugqashuka kocu phakathi kwakhe nalesi sikhondlakhondla.

Related Articles

Back to top button