Izindaba

Ubengamazi uyise odubuleke kubanjwa isitolo sobucwebe

Uphithene amakhanda umndeni wowesilisa waseKuvukeni, eMnambithi, odubuleke washona kade kutholene phezulu ngenganono onogada nezinswelaboya esitolo sobucwebe.

Ngokombiko weZindaba Zomphakathi umufi, uMnuz Vusumuzi Mbongwa (22), obedume kakhulu ngelikaMandanda udubuleke ekhanda kwamenela esephuthuyiswe esibhedlela iLadysmith Provincial.

Kuthiwa umufi utholwe yinhlamvu kade esephuma njengoba ebesebenza kwesinye isitolo esiseduze kwalesi ebesiphangwa ubucwebe.

Kuvela ukuthi isitolo ebesibanjwa inkunzi yi-American Swiss esisenxanxathelni yezitolo i-Oval.

Kuthiwa umufi udubuleke kabi ekhanda, mfowabo kamufi uMnuz Thulasizwe Hlatshwayo, uthe lesi sigameko sibalimazile kakhulu.

Uthe bafuna izimpendulo ngokufa kwamfowabo omncane, uveze nokuthi bakhathazekile ngendlela abulawe ngayo.

Uthe ngeke baze babe nokuthula bengabutholanga ubulungiswa ngokwenzekile. UHlatshwayo the ukholwa wukuthi kukhona okumele ajeze ngokufa kwamfowabo.

”Le nto isiphethe kabi kakhulu njengomndeni. Sikholwa wukuthi kukhona umuntu okumele ejeze ngalokhu – ngeke kulunge uma sithula nje sigoqe izandla,” usho kanjena.

Ugcizelele ukuthi lesi simo sibalimazile kakhulu bewumndeni ikakhulukazi ngoba kubulawe umuntu osemncane kangaka ngokweminyaka.

Uveze ukuthi umufi washonelwa ngunina enezinyanga ezimbalwa nje ezelwe, wathi uyise abakaze bamazi.

Imithombo eyahlukene iveze ukuthi izinswelaboya bukhona ubucwebe ezigcine zihambe nabo. Amaphoyisa awayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe ngalolu daba.

Related Articles

Back to top button